Jump to content

Umgqwayiziso

Kubuya ku Wikipedia

 

Weare
Isigqwayiza somyingembili esinyakazayo ngamakhasi ayishumi ngomzuzwane.
Isigqwayiza sangaphezulu siqukathwa amakhasi ayisithupha ephindaphindwayo ngunaphakade

Umgqwayiziso (isiNgisi: animation; elinye igama lesiZulu: ingqwayiziso noma ukugqwayizisa)[1] uyinhlobo yokuqamba ingqayi lapho izithombe ziqanjwa noma zilunjwa bese zidlalwa zilandelana ukwenza umlingo wesithombe esizinyakazelayo. Ngokwomgqwayiziso omdala, izithombe zidwetshwe ngesandla somuntu emakhasini aluntwentwe esincimfino (transparent cellulose sheet) ukuthi zithwetshulwe futhi zibonakalisiwe kufilmu. Umgqwayiziso ubonwa okwensiza yobuciko, ikakhulu embonini yokungcebeleka. Iningi labagqwayizisi liwela emaqenjeni amabili: umgqwayiziso omdala noma umgwayiziso okwesicikizi eyenzwa ngezithombe eziqanjwa ngesicikizi. Umgqwayiziso omdiki omisiweyo, ikakhulu umgwayiziso obumba, ugqamile kanye nezinye izinhlobo kepha lokhu kwenziwa ngencane yezingqayi.

Umgwayiziso ungahlukaniswa noKwenza okuSobala, kepha lokhu akusho ukuthi akukho lapho zibana khona. Iningi labaqambi bamafilimu bakhiqiza imifilimu ayinhlanganyela yalezinhlobo ezimbili. Njengoba izithombe eziqanjwe ngesicikizi zifanisa umfanekiso othwetshuliwe, abaqambi bamafilimu bangahlohla imithelela ebonakalayo egwayizisiwe omyingeni wesithathu (3D animated visual effects noma VFX ngesiNgisi) emafilimini abo phezu kokusebenzisa imithelela ethintekayo.

Umsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Umgqwayiziso uchaza umkhakha. Umgqwayizisi ngumuntu osebenza kulomkhakha njengomdwebi noma umthwetshuli wezithombe noma mhleli wezithombe. Abagqwayizisi bayisiningi somgwayizisi. Lebizo lisuka egameni lesiZulu "ukugqwayiza" okuchaza umuntu osibekubeku noma obekuzayo, onyakazo ngokukhuthele, noma obukhuphekhuphe njl njl. Lokhu kuhumusha ibizo "animation" lesiNgisi elisuka olwimini lwesiLathini ebizweni "animationem" okuchaza ukunikeza umphefumulo noma impilo. Kanjalo, umgqwayizisi unikeza isithombe, ikakhulu umdwambu, esisesendlalelweni sithile esithombeni impilo ekuholele ekutheni lowomdwambu ebukeke ngathi uyagqwayiza. Umgqwayizisi ungumenzi noma umbangi wokugqwayiza kungakho kuthiwa uyagqwayizisa. Umkhiqizo noma umphumela womsebenzi okugqwayizisa uyisigqwayizisiwe noma isigqwayiza. Lokhu kungaba yingqayi ephelele ngobude noma isibukelwa esimfushane.

  • Animator: Umgqwayizisi
  • Animation (practice, discipline, profession, field): Umgqwayiziso, Ingqwayiziso
  • Animators: Abagqwayizisi
  • Animation (movie, video, product, outcome): Isigqwayiza, Isigqwayizisiwe
  • To animate: Ukugqwayizisa
  • Character: Umdambu
  • Characters: Izindwambu
  • Background: Isendlalelo
  • Computer-generated imagery: Izithombe eziqanjwe ngesicikizi
  • Stop-motion: Umgqwayiziso womdiki omisiweyo
  • Claymation: Umgwayiziso wobumba
  • 3D animation: Umgqwayiziso wemyingentathu
  • 2D animation: Umgqwayiziso wemiyingembili

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Isichazamzwi sabaHumushi. "Ukugqwayiza". Facebook.

Page Template:TOC limit/styles.css has no content.