Wikipedia:Mayelana
IWikipedia iyingqoqelolwazi ekhululekile noma ubani angayihlela, futhi kuyimanie kunezigidi zabahleli abenza lokho.
Ibomu leWikiphidiya ukwethula ukwaziswa kuwo wonke amagatsha olwazi. iqukethe isiqikili esihleleka kalula, nezilotshwa eziqukethe amakhongco amaningana aqondisa abafundi ekwazisweni oluthe xaxa. IWikiphidiya omunye wemiklamo yeWikimedia esingathwa INhlangano engenzi nzuzo iWikimedia Foundation.
IWikiphidiya ibhalwa abantu, abangamavolontiya wokuzithandela ababambisanayo ukuhlela izilotshwa ngaphandle kosizo lohlakahlisombulu. Izilotshwa zeWikiphidiya zingahlelwa yinoma ubani onofikelelo kuxhakaxholo, ngaphandle kwezimo ezimbalwa lapho izilotshwa zivikelwe ukuba zingahlelwa ukuze zingaphazanyiswa noma zicekelwe. Selokhu iWikiphidiya yadalwa ngoJanuary 15, 2001, seyikhule yaba isizindalwebu samaphatho esikhulu emhlabeni, esiheha izigidi zabavakashi iNyanga ngayinye. IWikiphidiya iwumklamo obuliminingi, futhi inezilotshwa eziyizigidinqindi ngezilimi ezingama-300. Lezi zihlanganisa izilotshwa eziyizi- 12,606 zesiZulu, ezihlelwa abanikeli abangama- 80 kulenyanga edlule.
Imithetho Eyisisekelo yeWikiphidiya ibhalwe ngokufingqiwe njengezinsika eziyisihlanu. Futhi umphakathi wakuWikiphidiya usuqhamuke nezinwubomgomo neziqondiso eziningi, Kodwa abahleli abasha akudongeki ukuba bazazi zonke ngaphambi kokuba bahlele izilotshwa.